Poem in Zulu
Inkalankala ne mpisi
Inkalankala yadweba umugqa enhlabathini bese yathi:
“Ungalinge weqe lomugqa.”
Bese yadweba isiyingi ithi: “Kumelwe uhlale phakathi kwalesi siyingi.
Ungaseqa, kodwa ungaweli ngale komugqa”.
Kusenjalo kwaqhamuka isivunguvungu umugqa bese wanyamalala.
Impisi yayimi esiyingini.
Amakhaza kanye nemvula kwase kumukhathazile, kodwa akazanga anyakaze.
Wayengazi ukuthi umugqa wawusesekhona na,
lapho ungasadetshwanga enhlabathini.
Translated into Zulu by Maxwell Itumeleng Setshogo